Kushone owesilisa imoto yakhe ithungeleka ngomlilo

2017-11-12 08:44

Cape Town – Kushone owesilisa emgwaqeni u-R102 ngaphandle kwaseKuilsriver, eKapa, ngesikhathi imoto abehamba ngayo ishayise udonga oluhlukanisa imizila yazithela phezu kwezimoto eziza nganeno.

Okhulumela ezokuthutha eWestern Cape, uKenny Africa, uthe le ngozi yenzeke ngabo-11:15 ngoMgqibelo ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kushone ungqongqoshe engozini yemoto

Uthe le moto, yohlobo weFord Telstar, ibihamba ku-R102, ibheke eKuilsriver ngaphambi kukaButtskop Drive, ngesikhathi umshayeli ehluleka ukuyilawula yase iyaphaphalaza iyozithela kwezinye izimoto ebezihamba komunye umzila.

U-Africa uthe le moto ibe isigqamuka amalangabi le ndoda, ebiyodwa kule moto, isengaphakathi kuyo.

Ibe isiyashona kulandela ukuthi le moto ithungeleke ngomlilo. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...