Kushone owesifazane, kwalimala 15, kusha itekisi eKZN

2017-08-23 11:03

Durban – Owesifazane ushonile, kwalimala abantu abangu-15, okubalwa kubona nengane enezinyanga ezingu-15 ubudala, ngesikhathi itekisi ishiswa umlilo wequbula ngaseVryheid ngoLwesibili, kusho abosizo lokuqala KwaZulu-Natal.

Owesifazane kuthiwa ushe washona ngesikhathi ezama ukuphuma etekisini ebelivutha eStillwater, kusho okhulumela iKZN Private Ambulance, uBelinda Catchpole, etshela iNews24.

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwabulawa omunye futhi umuntu ehostela laseMlazi

Ingane ihilwe yintuthu kanti ingeniswe esibhedlela saseVryheid kanye nabanye abagibeli abangu-11.

UCatchpole uthi umlilo wequbula ucekele phansi nempahla eStillwater. Bekungakacaci ukuthi uqubuke kuphi umlilo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...