Kushone owe-DA engozini yomgwaqo e-KZN

2017-10-07 13:00

Durban – Kushone ilungu leDemocratic Alliance ePhalamende engozini yemoto eduzane nasePort Shepstone KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ntambama, kusho umholi weqembu uMmusi Maimane.

UTarnia Baker, 50, ubevakashele kwisiFunda sikaMasipala, Ugu, KwaZulu-Natal njengelungu lekomidi lamanzi nokuchithwa kukadoti nendle ezindlini.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa owe-ANC nomkakhe

UMaimane uthe uBaker ubeyilungu lePhalamende ebelisebenza ngokuzikhandla, engumuntu olungile futhi engumama nonkosikazi oqotho.

Lo mholi uthe uxhumene nomyeni kaBaker  wadlulisa namazwi enduduzo emndeni wonke we-DA ngokulahlekelwa kwabo.

Amanye amaqembu ezepolitiki okubalwa iCope ne-IFP bazwakalise ukudabuka, badlulisa namazwi enduduzo emndenini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...