Kushone 'oshayiswe yimoto' ehamba ngebhayisikili

2017-06-30 07:09

Durban – Umuntu obehamba ngebhayisikili ushonile ngemuva kokuba eshayiswe yimoto yabaleka eMnambithi ngoLwesine ebusuku, kusho abosizo lokuqala Kwazulu Natal.

Owesilisa, okukholakala ukuthi uneminyaka eko-30 ubudala, ubehamba ngebhayisikili lakhe emgwaqeni owubhuqu, ngokusho kokhulumela i-ER24 u-Annine Siddall.

OLUNYE UDABA: Owayengunkosikazi ungcwabe i-ex umndeni ungazi

Abosizo lokuqala bamthole esesimeni esibucayi ngezithuba zabo-18:00, ngokushesha baqalisa imizamo yokuhlenga impilo yakhe.

Ube esephuthunyiswa eLadysmith Provincial Hospital, kodwa kwaqinisekiswa ukuthi useshinile ngemuva kokuba kuyekiwe ukwenza i-CPR.

Amaphoyisa azokwenza uphenyo ngesigameko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...