Kushone nezingane ezimbili kweyenzeke KwaMaphumulo e-KZN

2017-09-25 13:31

Durban - Kushone nezingane ezimbili, enezinyanga eziyishumi izelwe neneminyaka engu-3 ubudala engozini ebandakanya amalungu omndeni angu-7 eyenzeke KwaMaphumulo, kusho abe-IPSS Medical Rescue, KwaZulu-Natal ngoMsombuluko.

Amaphoyisa, angabatshuzi kanjalo nawophiko lwe-K9, asebeznisane nabezicishamlilo zaKwaDukuza ukucinga izidumbu emanzini.

Izidumbu ezingu-6 zitakulwe ngaphakathi emotweni kwathi esisodwa satholwa ngaphandle kwemoto.

OLUNYE UDABA:Kulimale izingane ezingu-70 engozini yebhasi eKZN

Esigamekweni esahlukile ngeSonto, kushone amadoda amabili kwalimala amane ngemuva kokuba imoto yawo ishayise isihlahla kumgwaqo ocezukela ku-N4 phakathi kwaseMoedville naseSwartruggens ngaphandle wkaseRustenburg.

Abalimele baphuthunyiswe nge-ambulensi esibhedlela esiseduzane, oyedwa waphuthyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...