Kushone iziboshwa ezibalelwa ku-23 kuqubuka umlilo ejele

2016-09-07 19:33

Addis Ababa — Umsakazeli womphakathi e-Ethiopia ubika ukuthi umlilo oqubuke ejele ubulale iziboshwa ezingu-23 ejele iKilinto lisemaphandleni nenhlokodolobha yezwe i-Addis Ababa.

Kuleli jele iningi leziboshwa lingamalugnu amaqembu aphikisayo kanye nezintatheli.

IFana Broadcasting Corporate icaphune isitatimende sikahulumeni yathi kushone iziboshwa ezingu-21 zigxotshwa ngezinyawo ezinye nokuncisheka umoya.

OLUNYE UDABA: Kushone 10 kuginqika ibhasi ebelineziboshwa

Umbiko uqhube ngokuthi lezi ezinye ezimbili zidutshulwe ngesikhathi zizama ukweqa.

Izishoshovu zase-Ethiopia zaqale zazwakalisa ukukhathazeka ngomlilo ngempelasonto, zathi kushone iziboshwa ezibalelwa ku-20 kulesi sigameko.

Isitatimende sikahulumeni asisho ukuthi lo mlilo uqale kanjani.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...