Kushone isalukazi onesi bedla ingevu, begigitheka

2016-08-17 14:30

Ladysmith - Kushone isalukazi uJoey Badenhorst esibhedlela iLadysmith Provincial ngomhlaka-9 Agasti ngoLwesibili kanti kukholakala ukuthi simelwe yinhliziyo 

Ngokusho KweDemocratic Alliance (DA) okuyiyo ebikele abephephandaba iLadysmith gazette lolu daba, abangani nomndeni bakholwa wukuthi ushone ngenxa yobudedengu babasebenzi basesibhedlela.

OLUNYE UDABA: Ishonile ingane yowesifazane okhulelwe oshayiswe yimoto ecar wash

Lesi salukazi esineminyaka engu-80 ubudala sangena esibheldlea kulandela ubuhlungu esifubeni nokuphathwa yisiyezi. Endaweni yokwamukela iziguli lesi saguga salinda udokotela, abangani nomndeni batshelwa ukuthi udokotela usematasa kanti uzosibheka ngokushesha uma eqeda akwenzayo.

Udokotela wafika sekuphele amahora, abangani nezihlobo batshelwa ukuba balinde ngaphandle.

UBadenhorst wangeniswa ewodini eseboniwe ngudokotela, abangani nondeni baze bamshiya bayolanda izimpahla zakhe, ngalo lolo suku babuya, oyedwa wabangani wamuwanga wase ezwa ukuthi umzimba wakhe uyabanda. Abangani ababephatheke kabi babuza onesi ukuthi bayazi yini ukuthi useshonile uBadenhorst. Ngokusho kwabo onesi babezixoxela behleka bodwa bengaboni ukuthi isiguli asisekho bebe bekhona njalo.

Ikhansela le-DA likawadi-12 elalisheqekile iSharon Buys uzwakalise ukucasuka kwakhe ngesigameko wasibiza  ngokuthi ngumsebenzi wobubhadla.

Owesibhedlela uThabo Sithole uqinisekise udaba wathi luyaphenywa futhi isibhedlela sizophawula ngalo uma sekuphothulwe uphenyo lwangaphakathi esibhedlela.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...