Kushone isalukazi kuqubuka umlilo ekhaya labadala

2017-07-04 11:01

Cape Town – Owesifazane osekhulile ushonile ngesikhathi kuqubuka umlilo ekhaya labadala eliseWellington, eWestern Cape, ezintatha ngoLwesine olwedlule.

URobert Daniels, okhulumela iWestern Cape Emergency Medical and Forensic Pathology Services, uthe abanye abantu bathole ukwelashelwa ukwethuka ngemuva kokuthi ingxenye yeHuis Lizelle yokheleke ngomlilo.

"Abazange balimale abanye abantu abahlala kulesi sikhungo, kanti bonke kuqinisekisiwe ukuthi bayaphila,” kusho uDaniels eqinisekisa.

OLUNYE UDABA: Kushone ikhehla kuqubuka umlilo ekhaya labadala

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Andre Traut uthe kuvulwe icala ngokufa komuntu kanti kuyaphenywa ngalo.

Lo wesifazane, 61, ushone ngemuva kokuqubuka kwalo mlilo ngabo-01:45 kulesi sikhungo esikuBain Street.

Imbangela yalo mlilo isazoqinisekiswa uma sekuphothulwe uphenyo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...