Kushone ingane kusha imijondolo eKapa

2017-11-03 11:00

Cape Town - Kushone ingane eneminyaka engu-8 ubudala kusha eBonteheuwe, eKapa, ngesikhathi kusha imijondolo emibili nomuzi ngoLwesine ebusuku.

Imbangela yesigameko sokusha ayaziwa.

OLUNYE UDABA:Kushone ingane kusha umjondolo

Ikhansela lewadi eBonteheuwel, u-Angus McKenzie, belisendaweni yesigameko izolo (ngoLwesine) ebusuku.

"Izolo ebsuku izakhamuzi zisale zishaqekile ngenxa yelangabi elidale umonakalo omkhulu, lashisa imijondolo emibili nomuzi kwashona ingane eneminyaka engu-8 ubudala ngenxa yokuhogela intuthu eningi."

Kwesinye isigameko, kudutshulwe owesifazane oneminyaka engu-77 ubudala washona elele egumbini lakhe emzini wakhe osesifodini saseFeni, kuCentane, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesine.

Yize ingaziwa imbangela yokubulawa kwalesi salukazi, okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha uthe lesi sehlakalo senzeke ngabo-22:45 ngoLwesithathu.

Lo wesifazane, onguNosicelo Nyaniso, ubelele egumbini lakhe ngesikhathi edutshulwa, kusho uManana.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...