Kushone ingane, 2, kusha imijondolo eThekwini

2017-11-13 12:30

Durban - Babalelwa kwabangu-2 000 abantu abasale dengwane kulandela ilangabi elisabalale emjondolo ngeSonto, izicishamlilo zivika amalungu omphakathi abezihlasela.

Abezicishamlilo  baphuthume emjondolo ekuForeman Road eClare Estate lapho obekusha khona.

Kukholakala ukuthi umlilo uqale ngemuva kokuwa kwekhandlela ngeSonto ekuseni, kodwa abezicishamlilo kuphoqelekele ukuba zibaleke ngesikhathi zihlaselwa yizakhamuzi ezisike nepayipi lamanzi.

Lokhu kuholelele ekutheni umlilo usabalale ngokushesha kule mijondolo ephakathi kuka-800 no-1 000.

OLUNYE UDABA:Kushe imijondolo engaphezu kwengu-60

Owezicishamlilo u-Owena Singh, uthe bafike endaweni yesigameko ngezithuba zabo-03:30 ekuseni ngeSonto bafica kusha inqwaba yemijondolo.

Ngemuva kokuhlola isimo, babe sebeqala bebhula umlilo ezindaweni ezithile.

"Sibhula umlilo ezindaweni esinesiqiniseko sokuthi umlilo angeke usakwazi ukusabalala, asiqali ukuwucisha lapho oqale khona," kusho uSingh.

Uthe ezinye izakhamuzi ebezithukuthele futhi ebezikhathazekile ebezifuna kuhlengwe imijondolo yazo ngokushesha, zibhoboze ipayipi lamanzi lezicishamlilo ngethemba lokuthi kuzocisheka imijondolo yazo.

USingh uthe lokhu kudale ukuthi amanzi angabe esaphuma kahle aze agcina engasaphumi embhobhweni wepayipi ebelisetshenziswa yizicishamilo ebeziphambili. 

Izicishamlilo zibe sezibaleka endaweni yesigameko njengoba besezihlaselwa zayolinda egaraji eliseduze, zilinde ukuthi kufike amaphoyisa.

Umlilo ube usuvutha kakhulu wasabalala yonke indawo.

OwaBahlali baseMjondolo, uMqapheli Bonono, ulinganisele imijondolo eshile phakathi kuka-800  no-1 000.

UBonono naye ohlala kuForeman Road ukugxekile ukuhlaselwa kwabezicishamlilo wathi akusiyo indlela abahlali abaziphatha ngayo le.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kushone ingane eneminyaka emibili ubudala kulo mlilo.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...