Kushone indoda kwalimala kabi unkosikazi bedutshulwa

2017-12-04 07:59

East London – Owesilisa oneminyaka engu-49 ubudala ushonile kanti umkakhe usesimweni esibucayi esibhedlela.

Laba bashadikazi bahlaselwe emzini wabo oseMdansane e-Eastern Cape, kubika amaphoyisa ngeSonto.

“Owesilisa utholakale endaweni yesigameko eseshonile kanti owesimame oseminyakeni yo-40 uphuthunyiswe esibhedlela,”kusho okhulumela amaphoyisa uKaputeni Nkosikho Mzuku ngesitatimende.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa owe-ANC eKZN

Kuthiwa isigameko sokuhlaselwa kwabo senzeke ngoMgqibelo ebusuku kanti akukacaci kahle ukuthi yini eholele ekudutshulweni kwabo.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala nokuzama ukubulala.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...