Kushone ikhehla libhukuda olwandle

2018-03-18 18:04

Johannesburg - Ikhehla elineminyaka engu-87 ubudala lishonile libhukuda eJeffreys Bay e-Eastern Cape ngeSonto ekuseni.

URieghard Jansen van Rensburg‚ weNational Sea Rescue Institute eJeffreys Bay‚ uthi kukholakala ukuthi leli khehla belibhukuda nomndeni walo ngesikhathi liwa liqulekela phakathi emanzini.

OLUNYE UDABA: Owesilisa uhlaselwe wabulawa emzini oseGoli

Amalungu omndeni, abebukela kanye nabanye ebebebhukuda balikhiphele ngaphandle kwamanzi.

“Kwenziwe i-CPR kodwa ngemuva kokuba yonke imizamo yokulihlenga ingaphumelelanga, kuqinisekisiwe ukuthi lishonile.

“Isidumbu sekhehla sithathwe ngabamakhaza omndeni,” kusho uJansen van Rensburg.

- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...