Kushone ikhehla kusha ikhaya labadala e-PE

2018-01-12 16:02

Port Elizabeth - Kushone indoda eneminyaka engu-72 ubudala ngoLwesihlanu ngemuva kokusha kwekhaya labadala iFrail Care Centre ePort Elizabeth e-Eastern Cape.

Ngokusho kwekhasi likaFacebook lonogada bakwa-Atlasm, kushone umuntu oyedwa ngemuva kokusha kwekhaya labadala iFrail Care Center eMorningside. Onogada, abosizo lokuqala namalungu omphakathi basize ngokuhambisa izaguga kwelinye ikhaya eliseduzane.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe kusolwa ukuthi ngezithuba zabo-08:00 ekuseni zonke izaguiga bezidla isidlo sasekuseni endaweni yokudlela ngaphandle kwesisodwa kuleli khaya.

OLUNYE UDABA:Kubanjwe inkunzi ikhaya labadala

"Omunye wabasebenzi ubehambisela lesi saguga ukudla ngesikhathi sibona intuthu phezulu, sibe sesigijima sibuyela ezansi siyobikela wonke umuntu."

UNaidu uthe okwamanje imbangela yomlilo ayikaziwa. Amaphoyisa avule idokodo.

Izakhamuzi zakuleli khaya zidinga ukudla, ujusi, i-toilet paper nokunye okungase kuzisize.

 - Facebook:

 - African News Agency/ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...