Kushone ikhehla elihlaselwe ushaka eKZN

2017-04-13 09:31

Durban – Owesilisa waseGermany oneminyaka engu-68 ubudala kukholakala ukuthi ushonile ngemuva kokulunywa ushaka ngoLwesithathu eShelly Beach, ePort Shepstone, ngokusho kweziphathimandla.

Abanye abenabo ngaleso sikhathi bathi bebebhukuda ngesikhathi lona wesilisa enyamalala, kusho iNational Sea Rescue institute (NSRI) esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kwembulwa kwembeswa kumfana owabhozonyelwa yibhebesi

Kulandela ukuthungatha okunzulu okwenziwe yi-NSRI namaphoyisa, isidumbu sowesilisa sitholwe ngabantu ebebehamba ngesikebhe bedoba.

Isidumbu salo wesilisa sesidluliselwe kwabeForensic Pathology Services. 

Amaphoyisa avule idokodo ukuze kuqaliswe uphenyo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...