Kushone abayisihlanu kugingqika itekisi

2017-04-21 11:01

Johannesburg – Kushone abantu abayisihlanu kwathi abayisithupha balimala ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo igingqika eBrakpan, e-East Rand.

Kule ngozi kushone abantu besilisa abane nowesifazane oyedwa, kanti bonke batholwe abosizo lokuqala sebephume imiphefumulo endaweni yesigameko ngoLwesihlanu ekuseni.

Le tekisi igingqike ku-R23 Heidelberg Road.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, uRussel Meiring, uthe kunenye futhi imoto ebandakanyeke kulesi sigameko.

"Abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene endaweni. Okwamanje ayicaci kahle imbangela yale ngozi kepha izikhulu ziyaphenya."

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eKurhuleni, uDaine Jones, uthe kubonakala sengathi umshayeli wetekisi uhlulekile ukulilawula lase liyaphaphalaza.

"Okwamanje asazi ukuthi ngubani umshayeli."


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...