Kushone abathathu kungqika imoto

2016-12-30 11:33

East London - Kushone abantu abathathu kwalimala abanye abathathu ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo igingqika ku-N12 emgwaqeni ongenela eRondebult eBoksburg, empumalanga yeGoli.

Okhulumela i-Emer-G-Med uMaxwell Cohen uthi ingozi yenzeke ngoLwesihlanu ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke sinikezwe umndnei isidumbu sesosha

“Bonke ebebephakathi imoto ibachithele ngaphandle. Kukholakala ukuthi umshayeli ubalekile endaweni yesehlakalo. Abantu abathathu kuthe uma behlolwa kwatholakala ukuthi bashonile. Abanye abathathu bathole ukulimala kanti basesimeni esingafani. Omunye kubone kudingeke kusetsheniswe imishini ukumgcina ephila. Baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo olunzulu. Iziphathimandla ziyaphenya.”

Kwenye ingozi, kulimale abantu abangu-35 ngemuva kokuba ibhasi leCity to City ligingqika ngaphandle kancane kwase-East London ku-N2 obheke ngaseKing Williamstown e-Eastern Cape.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C More sun than clouds. Warm. PE: 19-25°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...