Kushone abathathu kulandela isiphepho nezikhukhula eThekwini

2017-10-10 14:00

eThekwini - Kubikwa ukuthi kushone abantu abathathu eThekwini kulandela isivunguvungu somoya nemvula enamandla ehambisana nezikhukhula eThekwini.

Kubikwa ukuthi omunye wabashonile yiphoyisa elishone ngesikhathi isiqukathi siwela phezu kwemoto yalo ngasemitateni eThekwini.

Izindawo eziseningizimu nedolobha iTheku; ikakhulukazi ilokishi uMlazi yilona elishayeke kakhulu njengoba kubikwe ukuwa kwemijondolo eminingi kanye nezakhiwo, izikhukhula zikhungathe izindawo eziningi okubalwa kuzo inxanxathela yezitolo kanye nenyuvesi iMangosuthu ayisindanga kulezi zikhukhula.

Umgwaqo omkhulu uN2 uvaliwe okwesikhashana njengoba kunezikhukhula futhi ziziningi nezimoto ezivaleleke kuwo. Abashayeli kanye nabagibeli bebetakulana bodwa besizana kulesi simo.

OLUNYE UDABA:Kunxuswa izakhamuzi zaseThekwini ukuba zihlale emakhaya

Lesi simo asisibi kwaZulu-Natal kuphela ngoba ngoMsombuluko izangoma zezulu zikhiphe isexwayiso kubantu abasezifundazweni iKwaZulu-Natal, Gauteng kanye neMpumalanga ukuthi baphephe.

NgoMsombuluko, kudaleke omkhulu umonakalo entshonalanga nesifundazwe iGauteng njengoba kulimale izakhiwo eziningi ngaseKrugersdorp kanti futhi kubhidlike nemizi eminingi elokishini eMayibuye.

Kulesi sifundazwe kuphinde kwalimala inxanxathela yezitolo iCradle Mall ngenxa yesiphepho nokuyilapho kulimale khona abantu abambalwa.

EMpumalanga, bangu-9 abantu okubikwe ukuthi balimalile ngenxa yesiphepho nesimo sezulu esingesihle.

Izikhulu zikahulumeni ezibhekelele ezokuphepha nezinhlekelele kulezi zifundazwe zisiqaphe ngelokhozi isimo kanti futhi zixwayisa izakhamuzi ukuba zibike ngomonakalo odalekile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...