Kushone abathathu engozini yetekisi nemoto ku-N1

2018-03-29 16:00

Johannesburg - Kushone abantu abathathu engozini yetekisi nemoto encane ku-N1 eMookgopong eLimpopo.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha esiFundazweni uMatome Tauatsoala uthe imbangela yesigameko ukudlula enye imoto endaweni okungavumelekile kuyo.

Kulindeleke ukuba isiminyaminya esikhulu ntambama ku-N1 nakweminye imigwaqo emikhulu ephakathi kwasePitoli nasemngceleni iBeit Bridge eMusina njengoba kubhekwe kwimpelasonto yePhasika.

OLUNYE UDABA:Kushone abantu abangu-18 abebephuma eholidini kwehla ingozi yebhasi

"Singakuqinisekisa ukuthi kwenzeke ingozi ephume nemiphefumulo ku-N1 phakathi kwaseTobias eMookgopong. Kushone abagibeli abathathu, oyedwa wasemotweni yohlobo lwe-X3 nababili abebegibele kwi-Quantum.

"Iminingwane yabalimele ayikacaci. Enye yezimoto edale le ngozi ijombele enye endaweni engaphephile, okuphambana kuyo izimoto, kuchaza uTaustsoala.


 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...