Kushone abantu abayisithupha ibhasi lishayisa iloli elimile

2017-07-03 09:32

Bloemfontein – Kushone abesifazane abayisithupha kwalimala abantu abangu-50 ngesikhathi ibhasi lishayisa iloli ebelimile ku-N8 ngaphandle kwaseBloemfontein ngoMsombukuko ekuseni, kusho abosizo lokuqala.

"Uhlangothi lonke lwebhasi lushayeke lwaphela kule ngozi,” kusho okhulumela i-ER24 uRussel Meiring esitatimendeni.

Kushone abantu abayisithupha endaweni yesigameko, kusho uMeiring.

Kubantu abangu-50 abalimele, kukhona abathole imihuzuko nabasesimeni esibucayi.

OLUNYE UDABA: Uthweswe icala lokushaya uSomlomo

Ngemuva kokuthola usizo lokuqala endaweni yesigameko, abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene ukuze bathole ukwelashwa.

Oyedwa obesesimweni esibucayi uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.

Iziphathimandla ziyaphenya endaweni yesigameko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...