Kushone abantu abayisithupha engozini yetekisi

2017-09-28 16:00

Johannesburg - Kushone abantu abayisithupha, okubalwa nengane yomfana eneminyaka emibili ubudala, ngesikhathi itekisi ishayisa unqenqema lomgwaqo yase iyagingqika emgwaqeni omkhulu u-N1, eGoli, ngoLwesine ekuseni.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, uRussel Meiring, uthe bathole abantu besakazeke wonke umgwaqo. Abanye bebelimele, kepha isibalo esiqondile besingakatholakali.

Umuntu oyedwa ubecindezeleke ngaphansi kwetekisi.

“Abosizo lokuqala bahlole zonke izisulu bathola ukuthi abantu abayisithupha - okubalwa nengane eneminyaka emibili ubudala - balimale kanzima futhi bebengasatshengisi zimpawu zokuthi basaphila.

"Ngeshwa bekungekho ebesisangakwenza ukubasiza base behlonzwa njengabashonile endaweni yesigameko," kusho uMeiring.

Le ngozi yenzeke ngakuBuccleuch Interchange. 

Iziphathimandla zisendaweni yesigameko ukuphenya ngembangela yale ngozi. Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto ngasendaweni yesigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...