Kushone abantu abayisithupha engozini eyenzeke eNanda

2017-04-07 12:32

Durban – Kushone abantu abayisithupha engozini eyenzeke eNanda Newtown, enyakatho neTheku, emgwaqeni uKing Bhekuzulu, ngoLwesihlanu ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe le ngozi yenzeke ngabo-08:00 ekuseni.

“Singaqinisekisa ukuthi isibalo sabantu abashonile senyukile sisuka kwabayisihlanu njengoba sesimi kubantu abayisithupha. Ngesikhathi ingozi yenzeka, abantu abahlanu bashone ujuqu,” esho.

Uthe abantu abashonile ngabesifazane abathathu nabesilisa abathathu, okubalwa nomshayeli.

“Imbangela yokuholele kule ngozi kuyaphenywa ngayo, njengoba ingakacaci okwamanje, ephetha.

Abantu abangu-11 abalimele kule ngozi baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene.

Uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.

Kwesinye isigameko, kushone abantu ababili kwathi abanye balimala engozini ngesikhathi itekisi ligingqika izikhawu ezimbalwa ngaseWestwood Mall, kusho i-Arrive Alive. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...