Kushone abantu abangu-6 kugingqika ibhasi leziguli eQueenstown

2017-12-06 16:01

Cape Town - Kushone abantu abayisithupha kwathi inqwaba yalimala ngesikhathi ibhasi abelithwele iziguli ligingqika ngaseQueenstown, e-Eastern Cape.

Umshayeli webhasi kubikwa ukuthi uhlulekile ukulilawula lase liyagingqika kulesi sigameko esenzeke ekuseni ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uNamhla Mdleleni uthi kumanje baqhuba uphenyo kulandela le ngozi.

"Leli bhasi ebelilibangise e-East London, ligingqikile kwashona abantu abayisithupha, okubalwa nengane. Kube sekulimala abantu abangu-14 abaphuthunyiswe esibhedlela."

Kwesinye isigameko, i-Arrive Alive ikhiphe isitatimende yazwakalisa ukuthi kuvalwe umgwaqo u-R614 oseHolmsbosch, KwaZulu-Natal, ngenxa yokuvuleka kwembobo enkulu maphakathi nomgwaqo.

"U-R614 obheke eSenembe ukhahlamezeke kakhulu futhi akudluleki kuwo ngakho zonke izimoto ziyajikiswa, ezingakafiki kuwo ziyacelwa ukuba zisebenzise eminye imizila," kusho isitataimende.

IZITHOMBE: 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...