Kushone abantu abahlanu belibangise esontweni

2018-04-06 16:03

Lephalale - Kushone abantu abahlanu abebehamba ngeveni elivuleke ngemuva ngesikhathi bethola ingozi.

Lokhu kwenzeke emgwaqeni uR518 ngaseLephalale ngoLwesihlanu, eLimpopo, kusho amaphoyisa.

Kuthiwa bebengu-26 abantu abebesevenini belibangise esontweni eMarapong ngaseLephalale, kusho uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe okhulumela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Usinde ngokulambisa umndeni wakwaMvubu uhlaselwa oLundi

"Abesimame abathathu kanye namadoda amabili bashonile ngesikhathi iveni lohlobo lweToyota abebehamba ngalo ligingqika izikhathi ezimbalwa. 

"Abantu abathathu bashonele endaweni yesigameko kanti ababili bashone sebefika esibhedlela. Amagama abashonile abengakaqinisekiswa njengoba bezingakabikelwa izihlobo zabo," kusho yena.

Imbangela yengozi ibingakacaci kahle kanti amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...