Kushone abantu ababili abahlala emgwaqeni beshayiswa yimoto

2017-02-11 15:35

Cape Town – Kushone abantu ababili kulandela ingozi eyenzeke emgwaqeni omkhulu u-N1, eKapa, kusho abezokuthutha kulesiya sifundazwe.

Lesi sigameko senzeke ngasemgwaqeni ochezukela kuDurban Road.

Abosizo lokuqala bathi umshayeli kukholakala ukuthi kuvele kwaba mnyama amehlo kuye, wase ehluleka ukulawula imoto yase iyaphaphalaza iphuma emgwaqeni.

“Umshayeli uhlulekile ukulawula imoto, yase ishayisa abantu ababili abahlala emgwaqeni bashona.

OLUNYE UDABA: Kulimale abagibeli ngesikhathi iveni liginqika phambi kwetekisi eGoli

“La bantu abashonile bebehlala emahlathini akhelene nothelawayeka,” kusho uKenny Africa, oyinhloko yezokuthutha eWestern Cape.

Kwesinye isigameko, kulimale abantu abangu-19 ngesikhathi iveni abebehamba ngayo igingqika kuDelfos Boulevard, eVanderbijlpark, ezintatha ngoMgqibelo, kusho abezimo eziphuthumayo baseGauteng.

“Bathe befika endaweni yesigameko, bathola ukuthi le veni ibithwele abantu abangu-18,” kusho okhulumela i-ER24 u-Annine Dormehl.

Uqhuba ngokuthi kulimale bonke abantu abebephakathi kanye nomshayeli.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...