Kushone abangu-7 kuqubuka umlilo ebhilidini eGoli

2017-07-05 12:21

Johannesburg – Bayisikhombisa abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile ngesikhathi kusha ibhilidi, iCity York, enkabeni yedolobha iGoli, kusho abezimo eziphuthumayo.

Omunye wabashonile ngowesilisa ogxume esuka esitezi kuleli bhilidini ngoLwesithathu ekuseni.

Akucaci ukuthi ubesuka esitezi sesingakhi, kusho okhulumela iJohannesburg Emergency Services, uNana Radebe, etshela iNews24. 

Uthe bane abantu, ebebevimbezeleke ophahleni lwebhilidi, abahlengiwe.

Izicishamlilo kudingeke ukuthi zisebenzise iladi ukufinyelela kubo, kuqhuba uRadebe.

Uthe umlilo ubhuliwe kanti abezimo eziphuthumayo bahlola ibhilidi ukuqinisekisa ukuthi bonke abahlala kulo baphephile.

Imbangela yalo mlilo ayikaziwa okwamanje kanti uphenyo luyaqhubeka.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...