Kushone abangu-13 kushayisana izimoto esifundazweni saseKZN

2017-11-14 16:00

Durban - UMnyango wezokuThutha kwaZulu-Natal uxwayise abashayeli bezimoto ukuba bashayele ngokuqophelela kulandela ingozi edlule nemphefumulo yabantu abangu-13.

Abantu abangu-8 bashone ngesikhathi iloli ebeliphethe abantu abangu-70 liginqika endaweni yaseNquthu enyakatho nesifundazwe.

"Umshayeli waleli loli ubhekene namacala angu-8 okubulala ngokungenhloso. Lo mshayeli ubuye wabekwa icala lokushayela edle amponjwana nokuyinqo eqinisekiswe amaphoyisa ngemuva kokuhlola igazi lakhe.

OLUNYE UDABA:Bathathu abashonile engozini yezimoto ezimbili neloli

NgoLwesibili uNgqongqoshe wezokuThutha, wukuPhepha koMphakathi kanye nezokuXhumana uMxolisi Kaunda unxuse abashayeli, abagibeli kanye nalabo abahamba ngezinyawo ukuba baphephe ikakhulukazi njengoba kubhekwe emaholidini kaKhisimusi.

Kwenye ingozi eyenzeke ku-N3 eThekwini, umshayeli wemoto uhluleke ukuyilawula yaphaphalaza yaphonseka ngale kwebhuloho kwashona abantu abahlanu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...