Kushone abangu-13 engozini yebhasi

2018-03-29 18:01

eGoli - Kushone abantu abangu-13 engozini enyantisa igazi eyenzeke eSatansnek, kusho okhulumela Mnyango wezempilo esifundazweni sase-Eastern Cape uSizwe Kupelo.

UKupelo uthe abantu abangu-12 bashonele endaweni yesihameko kanti oyedwa ushonele esibhedlela.

Bayisikhombisa abantu abasesimweni esibucayo okudingeke ukuba bahanjiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlani.

OLUNYE UDABA:Ubanjiwe oqambe amanga ngokudunwa kwemoto

Abanye abangu-18 balimele kabi kanti bangu-17 kuphela abangazange balimale.

UKupelo uthi abezimo eziphuthumayo basebenze amahoqa ambalwa ukuzama ukudakula abalimele kusetshenziswa udlawu olukhulu lokulula izimoto.

Kuthiwa umshayeli webhasi limkhafule ngesikhathi lishayisa.

Leli bhasi kuthibe belisuka eWelkom eFree State libheke eMthatha ngesikhathi kwenzeka le ngozi ngo-11 ekuseni ngoLwesithathu.

Izidumbu zabashonile zihanjiswe emakhazeni kahulumeni eMthatha.


- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...