Kushone abangu-11 engozini yeloli nebhasi eMpumalanga

2017-07-04 11:01

Mbombela – Ingozi enyantisa igazi ebandakanya ibhasi neloli ibulale abantu abangu-11 kuBadplaas Road, okungamakhilomitha amathathu ngaphandle kwaseMachadodorp, ngoLwesibili ekuseni.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe abezimo eziphuthumayo bafike bathola ibhasi ebelishayeke kabi liseceleni komgwaqo ngabo- 07:30. Iloli lona belimi phakathi nomgwaqo budebuduze naleli bhasi.

“Kuthe uma kuhlolwa isimo, abezimo eziphuthumayo bathola abagibeli bevaleleke ngaphakathi ebhasini kanti abanye babonakale behamba ngaphandle kwalo.

“Abanye bebecindezelwe yibhasi ngemuva kokuba ligingqikile," esho esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kulimale izingane ezingu-70 engozini yebhasi eKZN

Abalimele baxilongiwe endaweni yesigameko kwase kusetshenziswa imishini eyisipesheli ukuhlenga labo ababebhajwe ngaphakathi ebhasini.

"Kube sekubonakala ukuthi kushone abantu abangu-11 kule ngozi. Bekungekho okusengenziwa ukubahlenga base behlonzwa njengabashonile khona endaweni yesigameko.”

Abanye abagibeli bathole ukulimala, ababili babo babangwa nezibi, kusho uMeiring.

Omunye wabalimele kabi uthathwe ngendiza enophephela emhlane waphuthunyiswa esibhedlela.

“Imininingwane mayelana nale ngozi ayikacaci okwamanje, kepha iziphathimandla zesifundazwe ziyaphenya.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...