Kushone ababili kwalimala inqwaba engozini enyantisa igazi eThekwini

2017-11-19 16:02

eThekwini - Kushone abantu ababili kwalimala inqwaba ngesikhathi kushayisana izimoto ezimbili eThekwini, kubika iThe Citizen.

AbeRescue Care bathe le ngozi yenzeke ekhoneni lika-Alpine noMngeni ngoMgqibelo ebusuku.

"Abezimo eziphuthumayo babizelwe kule ndawo ngoMgqibelo ebusuku bathola zivithike ziphelile izimoto ezishayisene kule ndawo,"kusho uCeron Lennox okhulumela abeRescue Care ngeSonto.

Imoto eyodwa itholakale isasemgwaqeni kanti le enye ibiseceleni komgwaqo ngakwesokunxele

OLUNYE UDABA:Kuphume imiphefumulo kushayisana imoto neloli eMpumalanga

Amaphoyisa afike kule ngesikhathi abezimo eziphuthumayo bematasa ngokuzama ukutakula ababili abebelimele kabi.

Emotweni etholakale phakathi komgwaqo bekunowesilisa oshonile kanye nabesimame ababili abebelimele kabi, uyedwa owesilisa ohuzuke kancane kule moto. Oyedwa walaba besimame ushonele esibhedlela.

Kubathathe amahora amabili abezimo eziphuthumayo ukuba bakhiphe kahle futhi balaphe laba abalimele kabi emotweni yesibili, umfana oneminyaka engu-15 uphuthunyiswe esibhedlela elimele kabi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...