Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

2017-11-22 18:00

eThekwini -  Amadoda amabili adutshulwe abulawa kanti oyedwa usesimweni esibucayi ngemuva kwesigameko sokudubulana.

Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu emini kuphangwa ibhizinisi elisemgwaqeni uStrand Main Road eStrand, Western Cape.

Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo sekugamenxe ihora leshumi nambili kukhona namaphoyisa kanye nabezinkampani zonogada.

Abezimo eziphuthumayo bangene esitolo lapho bekudutshulwe khona abathathu.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe indodakazi phambi kwayise e-KZN

Lawa madoda abelele phansi benamanxeba okudutshulwa. Oyedwa ubeseshonile.

Ababili baxilongiwe kwabonakala ukuthi basesimweni esibucayi.

Ngesikhathi beshalashwa, oyedwa ushonele ezandleni zabezimo eziphuthumayo kanti lo wesithathu ubangwa nezibi esibhedlela.

Imininingwane ngalesi sigameko ibingakacaci kahle kodwa amaphoyisa asaphenya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...