Kushone ababili imoto yamaphoyisa yeqa alalobhothi evalile

2018-04-05 19:30

eThekwini - Iphoyisa likaMasipala weTheku lisenkingeni ngemuva kokushayela budedengu iveni yamaphoyisa kwadaleka ingozi.

Kushone abantu ababili ngesikhathi leli veni lidlula amalobhothi evaliwe eNew Germany lashayisana nemoto yohlobo lweToyota Yaris.

Imithombo engaphakathi kwaMasipala ithi kwenziwa uphenyo lwangaphakathi kanti kusalindeleke umbiko ozoveza ukuthi ngabe leli phoyisa lizoxoshwa na noma cha.

Omunye umthombo utshele abeDaily Sun ukuthi leli phoyisa liphucwe amalungelo okushayela izimoto zamaphoyisa kamasipala kodwa livele laqhubeka nomsebenzi walo njengokujwayelekile.

OLUNYE UDABA: Liyalulama iphoyisa elalimala kubanjwa imoto yemali

"Akukacaci kahle ukuthi beliphuthuma kuphi leli phoyisa kodwa osigaxamabhande bamyalele ukuba angasondeli ezimotweni zikamasipala kuze kuphothulwe uphenyo,"kusho lo mthombo.

Abaphathi bamaphoyisa banabo ubufakazi be-CCTV obubonisa leli veni leqa amalobhothi ebomvu yase ishayisana nenye imoto.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthi kuphenywa amacala amabili okubulala ngokungenhloso kanye nelokushayela budedengu.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...