Kushone ababili embhikishweni onodlame eTshwane

2017-09-14 07:00

Pretoria – Kubulawe amadoda amabili ngesikhathi umbhikisho wezidingo zomphakathi uphenduka onodlame emjondolo yaseMarry Me eduzane naseSoshanguve, eTshwane, izolo (ngoLwesibili) ebusuku.

Amaphoyisa aseSoshanguve abizelwe endaweni yesigameko ngezithuba zabo-20:30 ukuzoqapha isimo njengoba ababhikish bese bengasalawuleki, bevale imigwaqo ngamatshe nangamathayi avuthayo.

Lo mbhikisho oqale ngoLwesibili ekuseni kukholakala ukuthi umayelana nezindlu zomxhaso nogesi.

OLUNYE UDABA: Isishonile indoda edutshulwe kuqhubeka umbhikisho

Okhulumela amaphoyisa uConstable Zanele Mtsweni, uthe ngesikhathi befika, bafice amadoda amane elele phansi eduzane nojantshi phakathi kwaseMarry Me naseBlock VV (eSoshanguve).

UMtsweni uthe la madoda abelimele ebusweni nasemakhanda.

Enye yala madoda ihlonzwe njengeshonile khona endaweni yeisgameko, amathathu aphuthunyiswa esibhedlela eyolashwa ngokushehsa.

Indoda yesibili yona ishonele esibhedlela ngoLwesithathu ekuseni ngenxa yamanxeba ayo. "Imbangela yalokhu ayicaci."

UMtsweni uthe amaphoyisa asola ukuthi la madoda ahlaseliwe kungenzeka ukuthi abezama ukuyogibela isitimela kodwa avinjwa ababhikishi.

"Akukaboshwa muntu kanti kutshalwe amaphoyisa ukuqapha indawo aphinde aqhubeke nophenyo."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...