Kushone ababili beshayiswa yimoto engazange ime eMpumalanga

2017-12-26 11:00

eMbombela – Kushone abantu ababili ababandakanyeke engozini lapho umshayeli wemoto engazange ame endaweni yaseMadadeni eMpumalanga ngoMsombuluko ekuseni.

Okhulumela umnyango wezokuVikeleka koMphakathi uJoseph Mabuza utshele abeNews24 ukuthi umshayeli ushayise abantu abane, ababili bashonela khona lapho kanti ababili balimala kabi.

Laba abalimele baphuthunyiswe esibhedlela besesimweni esibucayi.

OLUNYE UDABA:Lisesibhedlela iphoyisa lomgwaqo elishayiswe obeshayela ebudlonyile

“Umshayeli akazange ame, uvele wabaleka ngemuva kwale ngozi,” kusho Mabuza ethi amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.

Uthi okwamanje balindele ofakazi abazibonele ngawabo ukuba basondele ngaphambili ngemininingwane mayelana nalesi sigameko.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...