Kushone ababaili kudutshulwa ethaveni

2018-01-08 18:05

Cape Town – Amaphoyisa athungatha izigebengu ezigasele eshibhini eMarikana, eKapa zavulela ngenhlamvu, kwashona abantu ababili, kwalimala abanye abathathu ngoMgqibelo ebusuku.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uCaptain FC Van Wyk, kuqhume isibhamu kule ndawo ngabo-22:30 ngesikhathi abantu abathize bengena bebamba inkunzi, bedubula noma ngabe ubani.

Abesilisa ababili, oneminyaka engu-29 nomunye oneminyaka engu-33 ubudala, bashonile.

OLUNYE UDABA: UMbalula kumele angenelele ngokushesha eMnambithi - DA

"Abalimele bayiswe esibhedlela esiseduzane ukuze bezothola ukwelashwa," esho.

Kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala ukuze kuphenywe.

Isigameko senzeke ngemuva kwezinyanga ezine kwabulawa abantu abangu-11 ethaveni khona eMarikana, kwagcina kuboshwe abantu abane ngoNovemba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...