Kushone 8 wabantu esigamekweni okukholakala ukuthi ngesobushokobezi

2017-11-01 12:30

New York – Owesilisa obehamba ngeveni abeyiqashile ushayise abantu ebebehemba ngezinyawo kanye nabebehamba ngamabhayisikili emgwaqeni omatasa kakhulu ngaseWorld Trade Center memorial ngoLwesibili, kwashona abantu abangu-8, kwalimala kabi abangu-11.

Umshayeli ugcine edutshulwe ngamaphoyisa esiswini ngemuva kokuba ephume emotweni wabaleka ngonyawo kulandela ukushayisa imoto abehamba ngayo.

Umsolwa kutholakale ukuthi ubephethe izibhamu okungezona ezangempela kanti abazibonele bathi ubelokhu ememeza ethi "Allahu Akbar," okungukuthi "uNkulunkulu mkhulu".

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu ezingu-9 namakhanda amabili eflethini - Umbiko

Umsolwa kubikwa ukuthi udalule nokuthi usebenzisana ne-Islamic State, kodwa iziphathimandla zithi kabukho ubufakazi balokho okwakanje.

Umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela kanti ubesasesimeni esibucayi kodwa kulindeleke ukuba asinde.

Izikhulu ezingavunyelwe ukukhuluma nabezindaba kodwa ezisondelene nophenyo zithe umsolwa uSayfullo Saipov, 29, udabuka e-Uzbekistan kanti wayefike eMelika ngo-2010 ngokungemthetho.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...