Kushone 7 wabantu kwalimala 5 engozini kugingqika iveni

2017-09-23 10:08

Verena – Kushone abantu abayisikhombisa kwalimala abanye abahlanu ngesikhathi iveni iphaphalaza ngaseVerena eMpumalanga ngoMgqibelo ekuseni.

"Abantu abangu-20 bebehamba ngeveni ngesikhathi umshayeli ephunyukwa yisiteringi yabe isigingqika,” kusho okhulumela ezokuphepha komphakathi uJoseph Mabuza.

UMabuza uthe ingozi yenzeke ngabo-04:00 ekuseni eVerena.

OLUNYE UDABA: Kumele sihambe esinyathelweni zika-OR Tambo

Uthe kubukeka sengathi umshayeli uhluleke ukuyilawula imoto, yabe isiphaphalaza yaphuma emgwaqeni, nokuthe uma ezama ukuyilawula yavele yaphenduka.

UMabuza uthe bayisikhombisa abantu abashonele endaweni yesigameko.

Abanye abahlanu, okubalwa kubona nomshayeli, baphuthunyiswe esibhedlela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...