Kushone 6 kwalimala 26 enkanjini yamasosha eThekwini

2017-02-17 15:41

Durban – Kushone abantu abayisithupha engozni enyantisa igazi eyenzeke enkanjini yamasosha esechwebeni laseThekwini ngoLwesihlanu, abathathu bangamasosha kanti abanye bayizakhamuzi, kusho abosizo lokuqala.

UPaul Herbst we-IPSS ukuqinisekisile ukuthi kushone abantu abayisithupha, wathi bangu-26 abalimele.

Abosizo lokuqala bathi indawo yesigameko njengamanje isezandleni zamaphoyisa eSAPS kanye neziphathimandla zamasosha asemanzini.

OLUNYE UDABA: Ingane yesikole ishayiswe yimoto yashona eThekwini

Kukholakala ukuthi amasosha abulawe ukuvuza kwegesi enkanjini yamasosha eSouth African National Defence Force's (SANDF), kusho abosizo lokuqala ngoLwesihlanu.

Abosizo lokuqala bathe abezindaba uma befuna imininingwane egcwele ngalolu daba abaxhumane ne-SANDF.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuvalwe isikole kubhikisha abafundi

Emizuzwini eyi-37 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 17-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-21°C Mostly cloudy. Mild. Bloem: 12-26°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...