Kuboshwe 5 wabantu ngesigameko sokubanjwa kwenkunzi e-OR Tambo

2017-03-20 07:31

Johannesburg – Kuboshwe abantu abahlanu ngempelasonto ngezinsolo zokuthi bayabandakanyeka ecaleni lokwebilwa kwemali engu-R24m e-OR Tambo Airport.

Umthombo othembekile utshele iNews24 ukuthi abasolwa baboshwe kulandela ukusebenza ngokubambisana kwabezokuphepha ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.

Omunye wabasolwa uboshwe endaweni yabadla izambane likapondo eCenturion, kanti utholakale neLamborghini kanye nemali eningi.

Abasolwa kulindeleke bavele eNkantolo kaMantshi eKempton ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: 'Ngeke iphinde ifane iGenerations'

Umthombo uthe amaphoyisa kulindeleke aphinde abophe abanye abasolwa.

Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi akafunanga ukudalula imininingwane kodwa uthe: "Abantu kumele baziqaphele izinto abazifunda ezinkundleni zokuxhumana lapho khona iminininingwane isuke ingaqinisekisiwe.

"Ibamba likakhomishana wamaphoyisa lizokwenza isimemezelo ngokuqhubekayo,” usho kanje.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...