Kushone 5 wabantu esigamekweni okusolwa ukuthi sihlobene nodlame lwamatekisi

2017-07-10 14:00

Soweto – Kubulawe abantu abahlanu kwalimala ababili ezehlakalweni ezimbili ezahlukene ezenzeke ngeSonto ebusuku okusolwa ukuthi zihlobene nombango wemizila ophakathi kwezinhlangano zamatekisi eSoweto.

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubela uthe isigameko sokuqala senzeke eMeadowlands lapho umnikazi wetekisi ehlaselwe esemzini wakhe.

Abahlaseli bavulele ngenhlamvu bebhekise esisulwini ngesikhathi singena egcekeni.

Kudubuleke nomunye obengakuleyo ndawo. Bobabili bashonele endaweni yesigameko, kanti abasolwa babaleke ngonyawo.

Isigameko sesibili senzeke eTshepisong lapho kudutshulwe kwashona khona abashayeli ababili bamatekisi kanye nomgibeli.

OLUNYE UDABA: Umnikazi womuzi udubule wabulala isigebengu 

“ETshepisong, itekisi yeSiyaya ibinabagibeli phakathi ngesikhathi ivinjwa yiQuantum ebithwele oshayasibhamu, abafune okhiye bemoto bakhiphela ngaphandle abagibeli.

“Itekisi ebidlula izame ukungenelela ngesikhathi abesilisa ebebehlomile bevulela ngenhlamvu kwashona abashayeli ababili endaweni yesigameko. Kuphinde kwashona nomgibeli oyedwa kanti abanye ababili basesimeni esibucayi esibhedlela,” kusho uMakhubela.

Akukaboshwa muntu ngalezi zigameko, kubika i-eNCA.

Kumisiwe ukuhamba kwamatekisi ngoMsombuluko eSoweto, nokushiye izinkulungwane zabantu zisele dengwane.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...