Kushone 4 wabantu kusha umjondolo eGoli

2018-04-06 12:34

Johannesburg - Kushone amalungu amane omndeni ngemuva kokusha komjondolo wawo e-Alexandra enyakatho yeGoli.

Imbangela yomlilo namanje ayikaziwa kodwa iyaphenywa. 

Kushe kwangqongqa neminye imijondolo engu-6 kuyo le ndawo.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Kushone umama nengane kusha umjondolo eGoli

URobert Mulaudzi wezimo eziphuthumayo eGoli uthe: "Imbangela yesigameko ibingakaziwa. Sicela izakhamuzi zaseGoli, ikakhulukazi izakhamuzi ezihlala emijondolo ukuba zingashiyi izinto ezivutha umlilo zinganakiwe ukuze kugwemeke izigameko ezifana nalesi. 

"Ithimba lezinhlekelele lisendaweni yesigameko lisiza imindeni ethintekile."

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...