Kushone 12 wabantu, kwalimala abanye abaningi engozini yebhasi

2018-03-28 18:00

Johannesburg - Abantu abangu-12, okubalwa kubona nezingane ezintathu, bashonile engozini yebhasi eSatansnek, ngaseNgcobo e-Eastern Cape ngoLwesithathu ekuseni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uSizwe Kupelo uthi ibhasi belithwele abantu abangu-60 ngesikhathi ligingqika phakathi kwaseNgcobo nase-Elliot.

Kudingeke ukuba kusetshenziswe izindlawu ukuhlakaza ibhasi ukuze kukhishwe abagibeli, kwabizwa nezindiza ezintathu ezinophephela emhlane ukuyisa abalimele esibhedlela.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kushone ababili kubhidlika isakhiwo eThekwini

Kuphinde kwasetshenziswa neloli elithwala izimoto ukusiza ngesikhathi kugudluzwa ibhasi i-Vaal Maseru ukuze kukhishwe abanye abantu ebebengaphansi kwalo.

Ibhasi belisuka eGauteng liya eMthatha.

UMariaan Labuschagne, okhulumela iVaal Maseru, uthi ngokwazi kwakhe lilodwa ibhasi elibandakanyeke engozini.

Kuthiwa ngezithuba zabo-15:00, bangu-35 abantu ebesebephuthunyiswe esibhedlela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...