Kushone 12 kwalimala 6 engozini yebhasi eNkandla e-KZN

2017-04-16 09:06

Johannesburg – Kushone abantu ababalelwa kwabangu-12 engozini ebandakanya ibhasi eNtunjambili eNkandla KwaZulu-Natal, kusho uMnyango wezokuThutha esiFundazweni ngoMgqibelo.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMxolisi Kaunda uthe, kuginqike ibhase kanti kusolwa amabhuleki, kwashona abnantu abangu-12, kwalimala abangu-6 abaphuthunyiswe esibhedlea saseNtunjambili.

UKaunda bekulindelek ukuba avakashele endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Bazoyichithela ejele impelasonto ababoshelwe isivinini esiphezulu

"Sibuhlungu futhi sidumele ngale nhlekelele eyenzeke ngamuva kwamasonto ambalwa senza imizamo yokugwema izingozi. Kutshalwe amaphoyisa omgwaqo ukuqhapha isimo kanti sekuqokwe nethimba lonjiniyela ukuthola imbangela yodaba."

"Sifisa ukuphinde futhi sinxuse abantu baKwaZulu-Natal ukuba baqinisekise ukuthi bashayela ngokucophelela.Abagibeli kufanele bahlole isimo sabashayeli nezimoto abazigibelayo.

"Umyalezo wethu obnhekiswe kubantu base-KZN uthi ukuphepha emgwaqeni nasemiphakathini yethu kuwumsebenzi wethu sonke," kusho uKaunda.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...