Kushone 10 wabantu kungqubuzana izimoto

2017-09-04 09:32

Johannesburg - Kushone abantu abayishumi ngesikhathi kungqubuzana iveni kanye nemoto encane yohlobo lweToyota Avanza ngaseBalfour eMpumalanga.

Bangu-9 abantu ebebesemotweni encane abashonile kanti omunye wabashonile ubesevenini.

Babili abantu okubikwa ukuthi basindile kulesi sigameko, kanti basesimeni esibucayi esibhedlela. Izikhulu zisasendaweni yesigameko zizama ukukhipha izidumbu emotweni okubikwa ukuthi iningi lazo zishe zangqongqa kulandela umlilo oqubuke ngemuva kwengozi.

OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo ubaba 'oshaye wabulala' ingane

Ingozi yenzeke ku-R23 phakathi kwaseStanderton naseBalfour.

Imbangela yengozi ibingakaziwa okwamanje.

- SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...