Kushiswe izindlu embhikishweni waseMamelodi

2017-06-22 11:02

Pretoria – Kushiswe imizi ngamabhomu kaphethiloli eMamelodi ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi kunombhikisho, kukhalwa ngokulimala kwesigubhu sikagesi.

Amaphoyisa ajutshwe endaweni yaseMahube Valley ebusuku, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Johannes Maheso.

Udlame kubikwa ukuthi lubheduke ngesikhathi imiphakathi emibili eMahube Valley ijikijelana ngamatshe, kubangwa indaba yokulimala kwesigubhu sikagesi, esibashiye bengenawo ugesi.

Kukholakala ukuthi bekulwa abantu abahlala emijondolo nalabo abahlala ezindlini ezakhiwe kahle.

OLUNYE UDABA: Inyunyana ithi akuyona eshise ihholo ledolobha

Amaphoyisa atshele iNews24 ukuthi isimo sigcine sesishube kakhulu kwashiswa imizi, kanye nemijondolo elinganiselwa kwengu-30.

Bakhona abantu okubikwe ukuthi bathole ukulimala okungatheni.

Isimo asiqaphile amaphoyisa njengoba besisashubile ngoLwesine ekuseni nemigwaqo ivaliwe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...