Kushiswe izimoto ezimbili kunombhikisho ngase-airport

2017-10-27 12:31

Johannesburg – Amaphoyisa asekuqinisekisile ukuthi kushiswe izimoto ezimbili zakwa-Uber embhikishweni wangoLwesihlanu emigwaqeni emikhulu u-R21 no-R24.

Balinganiselwa ku-30 abashayeli bama-meter taxi ababoshiwe ngemuva kokuphazamisa ukuhamba kwezimoto ngase-OR Tambo International Airport.

Bathi i-Uber isebenza ngokungemthetho kanti futhi izikhalazo zabo zilokhu zishaywa indiva.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ababhikishi abavale umgwaqo ngase-airport

Okhulumela amaphoyisa uLungelo Dlamini uthi ababhikishi abavale umgwao ngezimoto baphinde balala emgwaqeni bangabanye balabo ababoshiwe.

UDlamini uthi unethemba lokuthi ukuboshwa kwalaba kuzodlulisa umyalezo oqinile kubashayeli bama-meter taxi ngokuphazamisa ukuhamba kwezimoto emgwaqeni.

Uphenyo luyaqhubeka ukuthola ukuthi zishiswe kanjani izimoto ezimbili zakwa-Uber ngesikhathi sombhikisho.


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...