Kushiswe imizi, kwatatshwa nempahla ezitolo ngogwazwe ethaveni

2017-06-20 19:31

Mankweng - Kushiswe imizi emine kwatatshwa nempahla ezitolo zaseGa-Mothapo Village, empumalanga yePolokwane, ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuba kugwazwe kwabulawa owesilisa ethaveni.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe, uthe izakhamuzi zivele zavuka umbhejezane ngemuva kokugwazwa kwendoda, 20, ethaveni kulesi sigameko okusolwa kuso abathile emphakathini.

Uthe le ndoda, ekungacaci ukuthi ingubani, iphuthunyiswe esibhedlela lapho efike yashonela khona.

OLUNYE UDABA:Iqulu labantu lishaye umsolwa laze lamkhumula izingubo

"Ukufunwa kwabasolwa kuqalwe ngamalungu omphakathi kwaze kwashiswa imizi, kwatatshwa nempahla ezitolo ezimbalwa kuso lesi sigodi," kusho uNgoepe.

Amaphoyisa abophe abasolwa abane, kodwa kubona akekho obandakanyeka esigamekweni sokubulala.

Ngesikhathi amaphoyisa esendaweni yesigameko, ezinye izakhamuzi ziwajikijele ngamatshe.

Leli qulu labantu ligcine lihlakazekile.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor-General Jan Scheepers lithe lidumele ngokuthi abantu basaziibambela umthetho ngezandla kwezinye izingxenye zesifundazwe.

UNgoepe uthe kutshalwe amaphoyisa kule ndawo kanti futhi azoqhubeka nokuqapha isimo.

Uthe abasolwa abaneminyaka ephakathi kwengu-16 nengu-42 ubudala bazovela eNkantolo yeMantshi yasePolokwane ngamacala odlame emphakathini, ukutholakala nempahla eyebiwe nokushisa.

Kusalindekele ukuba kuboshwe abanye abantu njengoba kuphenyo luphenyo lwamaphoyisa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...