Kushe kwangqongqa umuzi kaTony Yengeni eKapa

2017-11-06 11:00

Cape Town – Kushe kwangqongqa umuzi welungu le-African National Congress (ANC), uTony Yengeni eKapa namuhla (ngoMsombuluko) ekuseni.

Okhulumela abezicishamlilo eKapa uTheo Layne uthe imbangela yomlilo emzini kaYengeni oseTygerhof Estate ayaziwa, kodwa umlilo udale umonakalo omkhulu.

OLUNYE UDABA:Basale dengwane kusha umuzi Kwa-V

ULayne uthe umama kaYengeni obekunguye kuphela obesendlini ngesikhathi kuqala umlilo, ukwazile ukuphuma endlini kusenesikhathi.

Uthe umlilo uqale ekamelweni elikhulu washesha wakapakela kwamanye amagumbi, umuzi wabe ususha wonke.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi umuzi kaYengeni lo oshile. Kushe isakhiwo sonke," usho njalo.

ULayne uthe amaphoyisa aphenya imbangela yesigameko.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...