Kushe kabi ubaba nendodana kuqubuka umlilo

2017-12-03 09:01

Cape Town – Kulimale ubaba nendodana ngemuva kokuthola amanxeba okusha kanye nokuhogela intuthu ezintatha ngoMgqibelo emlilweni oqobuke eFactreton, eKapa.

Okhulumela inhlangano ebhekelele ukuphepha komphakathi uZainulabideen van der Schyff uthe abamele inhlangano yabo bafike endaweni yesigameko ngemuva kokuqubuka kwalo mlilo ngabo-04:00 kuGlider Crescent.

Indlu eyodwa icekeleke phansi ngenxa yalo mlilo kwathi eminye imijondolo eyisikhombisa nayo yasha, esho.

“Ngenhlanhla akekho oshonile. Kuqinisekiswe ukuthi ubaba nendodana bathole ukusha kabi kulesi sehlakalo.”

OLUNYE UDABA: Kushe kwangqongqa umuzi kaTony Yengeni eKapa

Okhulumela abezicishamlilo zomkhandlu abatholakalanga ukuba baphawule ngokushesha.

Owethimba lezinhlekelele uCharlotte Powell uthe lukhona usizo olunikezwa labo abathikamezekile ngosizo lweMustadafin Foundation, kanti umkhandlu uhlinzeke labo abonakalelwe yizindlu izinsiza zokwakha.

UPowell uthe ngokwazi kwabo, akekho olimalile ngoba lo mlilo ucekele phansi umuzi owodwa wangabhebhetheka.

UVan der Schyff, kepha ubenezithombe ezitshengisa umfaa omncane ebhandishiwe elele esibhedlela. Kwezinye kubonakala imijondolo icekelwe phansi wumlilo.

Labo abathintekayo bakhosele ezihlotsheni nakubangani okwesikhashana.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...