Kushayisane amatekisi kwalimala inqwaba

2016-12-22 14:31

Johannesburg - Kushone abantu abathathu kwalimala abangu-21 ngoLwesine ngemuva kokushayisana kwamatekisi amabili ku-R26, okungamakhilomitha angu-15 ngaphandle kwaseLadybrand, eFree State.

Okhulumela abe-ER24 uRussel Meiring uthe kushayisane amatekisi amabili, kanti abezimo eziphuthumayo bawafice eseceleni komgwaqo.

OLUNYE UDABA: Iphume nemiphefumulo ingozi enyantisayo

UMeiring uthe bobabili abashayeli bebevaleleke ngaphakthi ematekisini abo bengatshengisi zimpawu zokuphila.

Abashayeli bahlonzwe njengabashonile khona endaweni yesigameko.

Abantu abangu-4 bebevaleleke ngaphakathi ematekisini. Abanye batholwe behamba hamba ngasendaweni yesigameko, kusho uMeiring.

"Imbangela yesigameko ibingakaziwa kodwa iziphathimandla zisendaweni yesigameko ziyaphenya."

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Showers early. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-27°C Showers early. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-25°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C a few showers. Mostly cloudy. Warm. PE: 19-26°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...