Kushaqwe izidakamizwa ezingabiza u-R78m e-Airport

2017-02-19 09:04

Pretoria – Izikhulu zakwa-SARS zishaqe izidakamizwa ezingabiza u-R78m ngentengo yasemgwaqeni e-Oliver Tambo International Airport ngoMgqibelo.

Isikhulu sakwa-Sars uBabs Naidoo sithe lezi zidakamizwa ze-cocaine ngeziningi kakhulu kweseke bazishaqa.

Izidakamizwa ebezisuka eSao Paulo zilibhekise eNairobi, eKenya, bezinesisindo sika-271kg kanti zitholakale lapho kugcinwa khona impahla.

OLUNYE UDABA: Akusiwo wonke amadoda angodoti - Umlingisi

“Emaphepheni afike nempahla bekubhalwe ukuthi yizinto zokugcoba.”

UNaidoo uthe kudingeke bayivule ngezandla impahla ngemuva kokuba izinja zihogele zathola ukuthi kunezidakamizwa.

Izikhulu zithole amabhokisi abenezinto zokugcoba izinwele abefakwe izidakamizwa. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...